Kwenzeka okungajwayelekile kuleli, kulokhu Emdlalweni ye Dstv Premiership njengoba kuzodlalwa kuze Kuyophela Unyaka njengoba kunemidlalo eqhubekayo Kulempelasonto eqala Namuhla. Ngokwejwayelekile lemidlalo ngalesisikhathi lapha kwelakithi Isuke seyihlabe ikhefu likaKhisimuzi.
Usuthu Luzokwamukela I Cape Town Spurs eziqhugelayo Kusihlwa eMoses Mabhida Stadium eThekwini. Abafana bakaCijimpi badinga ukungena ku Top 8 ngaphambi kokuba kuhlatshwe ikhefu elizoba nge nyanga ezayo ngenxa yemidlalo ye-AFCON Ezobe Iqhubeka Ezweni lase Ivory Coast.
Seyiyonke imidlalo yangempelasonto ime kanje:
Namuhla ngoLwesihlanu:
AMAZULU Vs Capetown Spurs (19:30)
Bese kuthi ngo Mgqibelo Imidlalo Yakhona Imi Kanje.
Kaizer Chief’s Vs Richard Bay (15:30)
Royal AM Vs Moroka Swallows (15:30)
Golden Arrows Vs TS Galaxy (15:30)
Chippa United VS Polokwane City (15:30)
Supersport United VS Orlando Pirates (17:30)
Uwodwa Umdlalo nge Sonto Lapho Cape Town City izozama ukuthi imise inqola yeSundowns eshayisa kwasani okuza phambi kwayo,loyo mdlalo uyoqala ligamenxe ihora Lesithathu Ntambama.
Umongameli we SAFA Mnu Danny Jordan yena uyayihlaba uyayihlikiza indaba yemidlalo eqhubekayo ye DSTV njengoba eveze ukuthi ngabe abadlali bathole isikhathi esanele sokuzilungiselela imidlalo ye AFCON beyi Bafana Bafana, kodwa Akunjalo.
Ukhale ngokuthi uma iqembu lingenzi kahle kulomqhudelwano yonke iminwe izobuya ikhombe bona njengoba kuyi manje bekuthole kunzima ukuthi bathole indawo yokuziqeqesha.