Iqembu lase kapa iStellenbpsch FC, liziqophele owalo Umlando ngokuthi libe yiqembu lokuqala ukunqoba isicoco se Carling Black Label ngokuthi lishaye iTS Galaxy kowamanqamu namuhla eThekwini.
Lomdlalo kuze kwadingeka ukuthi kuphinde kwengezwe esinye isikhathi njengoba beshayane baze babukana bebambene ngelodwa ngapha nelilodwa ngale.
Umdlalo ugcine uphela sekukhahlelwa ama penalty kunqobq yoona STELLENBOCH ngo 5 – 4.
Ukunqoba kwabo lesi
sicoco kubenze bakhale bemukela nesamba semali engu R6 600 000.
Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu lase kapa iqembu elisanda kuhlanganiswa njengoba beneminya eyi – 7 nje kuphela babakhona njengoba iqembu lasungulwa ngo nyaka Ka 2016.
Loyo ongumqeqeshi waleli qembu Steve Barker uthi Sekuyisikhathi sokuthi badle izithukuthuku zabo abafana njengoba Kade belwa kodwa bengakwazi ukunqoba izindebe ekubeni bedlala ibhola elinenkosi phakathi.
Uqhube wathi ukubhiyoza kwabo kuzosheshe kuphele njengoba kusanemidlalo ye Dstv premiership esabasalele ngaphambi kokuba kuthathwe ikhefu elizoba nge nyanga ezayo ngenxa ye midlalo CAF.