Isikhwama soxhaso lwabafundi kuleli singenye yezikhungo ezikhungethwe yizinkinga ezingabonakali zisombululeka maduze.
Lesi sikhwama sabafundi sizothola imali eyehliswe ngo R13.7 Billion yokuxhasa abafundi kulonyaka ozayo lokhu kuvele ngemuva kokuba umgcini mafa ekhiphe uhla lwezimali.
Lowo okhulumela i-NSFAS uMnumzane Ishmael Mnisi, uthi lokhu kwehla koxhaso lwalesikhwaba kuzolimaza kakhulu abafundi ube esekuveza ukuthi bazoqinisekisa ukuthi bonke laba abathola uxhaso ngokungemthetho bazophucwa ukuze kunikwe labo abafanele.
Uqhube wathi bayathemba ukuthi ukuqeda lobugebengu obenziwa yilaba abangafanele kuyokwenza ukuba kube nemali ezokwazi ukusiza labo abaludinga ngempela usizo.