UMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle kuleli ukhiphe umbiko wakamuva owaziwa nge ‘Blue and No Drop’ ngoLwesibili.
Lomibiko owokuhlola izinga lamanzi asetshsenziswa nsuku zonke kuleli kanye nesimo sezinhlelo zamanzi zezwe.
Ngokombiko we-Blue Drop, zingamashumi amabili nesithupha kuphela izizinda zokuphakelwa kwamanzi ezweni ezisesimeni esigculisayo futhi ezikhiqiza amanzi asezingeni kwezingu 958, leli zinga likhombisa ukwehla okukhulu uma kuqhathaniswa nezingama-44 zango-2014.
Amanzi alahleka ngokuvuza ezimpopini kuleli andile kakhulu.
Iziznda zokuphakela amanzi eziyisikhombisa zaKwaZulu-Natali, okuhlanganisa noMngeni Water, kutholakale ukuthi ziyahambisana nezindlela ezinhle zokulawula ubungozi bamanzi.
Kodwa umbiko uthi, isifundazwe kuzomele sihlinzeke ngezinsiza ezibalulekile ukuze kunqandwe ukulahleka kwamanzi.
UNgqongqoshe uSenzo Mchunu uthe uhulumeni uzobe esiza futhi axoxisane nomasipala ukuze babasize bafeze izibopho zabo ukuze bathuthukise izinga.
“Komasipala abangazange benze ngendlela abebelindele ngayo, umyalezo uthi basebenzise le miphumela ukuthuthukisa izinhlelo zabo zokuhlanzwa kwamanzi.
“Futhi ngicela ukunxusa labo masipala abangazange bahlangabezane nalezo zimiso ababekelwe zona ukuba nishintshe futhi nizithuthukise ngoba, njengoba senibonile, abantu ngaphandle abalindele okungaphansi ezingeni lamanzi ukuze baphuze ngokukhululeka.”