Bezijahana ngempeIa phakathi kweTS Galaxy naMaZulu FC kowandulela owamanqamu weCarling Knockout obubanjelwe eMoses Mabhida Stadium ngesonto ntambama ngehora lesithathu. Lamaqembu afake ugesi ngempela emdlalweni omnandi wamagoli amahlanu ogcine ngokuthi USuthu luguqe.
AmaRockets anqobe lomdlalo owandulela owamanqamu ngo 3-2 ukuze azibekisele indawo kowamanqamu neStellenboch FC. UJunior Dion no-Augustine Kwem bazamile ukubuyisela Usuthu emqhudelwaneni ngamagoli abo okugcina ngesiwombe sesibili – kodwa iGalaxy yenze umonakalo omkhulu esiwombeni sokuqala.
Emizuzwini emibili umdlalo uqalile, iGalaxy ibisivele ihamba phambili ngegoli elivalelwe phakathi uLehlohonolo Mojela. Kuthe ngomzuzu ka 30 wabuya futhi uMojela wadalela izivakashi iphenathi eshaywe phakathi u-Higor Vidal.
AmaZulu FC aye ekhefini elandela ngemumva ngegoli elilodwa eqandeni. Esiwombeni sokuqala kugqame kakhulu unozinti weGalaxy uFiacre Ntwari obala ukhasha ezintini.
Umqeqeshi wabo uPablo Franco oteketiswa ngelikaCijimpi, wenze ushintsho lwabadlali abathathu ekuqaleni kwesiwombe sesibili wafaka uKwem, Tshepang Moremi noTaariq Fielies.
AmaZulu akwazile ukubuya eshaya igoli okwenza kwaba ngu 2-1. UFielies udlale ibhola elide elidluliswe nguJunior Dion laqedelwa nguKwem sekusele imizuzu engu-15 umdlalo uphele. Lokhu kuphushe Usuthu ukuthi luqale phansi luzimisele, kodwa i-TS Galaxy ibisebenza kahle kakhulu emumva.
Lomdlalo ugcine uphele ngo 3-2 kunqoba iGalaxy. IGalaxy izotholana phezulu kowamanqamu alendebe neqembu laseWestern Cape iStellenbsch FC eguqise iRichards Bay