Njengoba abafundi bakamatikuletsheni sebesemaphethelweni nezivivinyo zokuphela konyaka , ngokujwayelekile bayaye behlele imicimbi bebungaza ukuqeda ukubhala nabakubiza nge ” Pens Down” noma “ukugezwa kwamapeni.”
Okhulumela iqembu Inkatha Freedom Party kwezemfundo kwaZulu-Natal uNkosikazi Thembeni Madlopa-Mthethwa uhlabe ikhwelo wacela ungqongqoshe wezemfundo kwaZulu-Natal uNkk Mbali Frazer ukuthi asheshise avale imibhiyizo yabantwana makamatikuletsheni abayenza uma beqeda ukubhala ngoba idala izibhicongo.
Umadlopa uthi inkinga yalemibhiyozo ihambisana nezinto ezimbi ezifana notshwala, izidakamizwa nocansi olungaphephile,”Okubi ukuthi lemimbhiyozo iba nemiphumela emibi, abanye balaba bafundi bagcina belahlekelwe yikusasa labo lonke ngenxa yenjabulo yesikhashana nje” Kuchaza uMthethwa
UMadlopa usho kanjena nje uMnyango wezemfundo nawo ubusukhiphe isitatimende benxusa bona belu abantwana ukuba mabaziqhelelabise naloluhlobo lwemicimbi. Umnyango uphinde wagcizelela kulabo abadayisela abantwana utshwala ukuthi lokho akukho emthethweni futhi bengathathelwa izimvume zokudayisa uma betholakala ukuthi bathengisela abantwana.