Bathi akuwona neze umsebenzi wabo ukuhlola ukuthi ngabe amasoka abo angawokufika kuleli anazo yini izincwadi eziwagunyaza ukuba kuleli abesifazane abazwana nabokufika.
Lokhu kuvele ngesikhathi isikhulu somnyango wezasekhaya uSphesihle Nyawo ekhuluma nomphakathi waseMnqobokazi esifundazweni SakwaZulu Natal. Lendawo esondelene kakhulu nomngcele ohlukanisa elakuleli nezwe laseMozambique, yaziwa ngokuba nenqwaba yabantu abadabuka kuleliya lizwe abahlala kuleli ngokungemthetho.
UNyawo uzidonsele amanzi ngomsele kwabesifazane ebebehambele umcimbi wokuvulwa kwenkulisa kulendawo ngesikhathi ethi kufanele bampimpe emaphoyiseni amasoka abo akuleli ngokungemthetho,”Sizodinga usizo lwenu njengezakhamizi ukuze sikwazi ukunqoba isihlava sabantu abangena kuleli ngokungemthetho. Noma ngabe umuntu ozwana naye, noma umuntu eninengane naye, kuyicala ukumfihla ube wazi ukuthi ukuleli ngokungemthetho. Wonke umuntu owazi umuntu okuleli ngokungemthetho kuzomele abikele amaphoyisa aseduze”
Iningi labesimame ebebehambele lomcimbi basukumile bamphikisa uNyawo,”Akuwona umsebenzi wethu ukuhlola ukuthi abantu bakuleli ngokungemthetho noma cha, kodwa wumsebenzi wenu. kungani nifuna sinenzele umsebenzi wenu bese nisisabisa ngamacala? Umuntu onecala la uyena uhulumeni ngokwehluleka ukuvala imincele yakuleli, hhayi thina!” Kusho omunye wesifazane evutha bhe!
Lomngcele owaziwa ngokuthi yiKosi Bay, ingeminye yemincele evuza kakhulu kuleli, kanti iningi lezimoto ezintshontshwayo kuleli kuthiwa ziphuma ngawo lo mgudu.