Ushaya phansi ngonyawo uthi angeke umamukele uthisha omusha ozolethwa ngumnyango uMkhandlu webhodi elilawula isikole saseBergville samabanga aphansi.
Lelibhodi lesikole iNsebenzwenhle Primary lithi selibhale kwaze kwaphela uyinki libhalela umnyango wezemfundo lifuna ukwazi ukuthi kwenzakalani mayelana nomunye wothisha wakulesi sikole ongakaze ahole kusuka ngoMarch wonyaka ka 2023.
Ngokusho kwelinye lelunga lalelibhodi, lithi inkinga iqale ngesikhathi kuhamba omunye wothisha abebefundisa uGrade 1 kulesi sikole, nokwadala ukuthi kube nesikhala esivulekayo. Kuthiwa uthishanhloko walesi sikole wabe esebikela umnyango ngalesi sikhala nowabe usumeluleka ngokuthi athole omunye uthisha okhona ngaphakathi esikoleni kwaGrade R, kube nguyena ongena esikhundleni sakhe, bese ethumela izincwadi zakhe emnyangweni ukuze zicutshungulwe ezoqhashwa ngokugcwele. Nebala uthishanhloko wenza njengokuyala komnyango,
“Inkingake isekutheni manje kuze kube manje, lothisha akakaze ahole nakanye selokhu anikezwa lomsebenzi, umnyango uthule du ngodaba lwakhe. Sibe sesithatha isinyathelo njebhodi ukuthi sibhalele abahloli besiyingi esikuso lapha eBergville nokwathi uma kubuya impendulo kwabuya impendulo engemnandi neze ngoba satshelwa ukuthi bona njengesiyingi abaqhashi futhi ayikho into abazosisiza ngayo. Kwaze kwaphuma namazwi alumelayo impela athi uma sifuna ukulwa futhi singalwa, siye nasehhovisi lesifundazwe nakhona ngeke sisizakale,” kuchaza leli lungu.
Ngokubona ukuthi abalutholi usizo esiyingini, ibhodi labe selibhalela iDistrict eMnambithi, incwadi bayiqondisa ehhovisi likaMqondisi. Kulelihhovisi bathi bathola umsizi wakhe umqondisi nowathembisa ukuthi uzoyidlulisela nakanjani kuMqondisi lencwadi, kodwa kuze kube nanamhlanje basalinde impendulo.
“Sibe sesibona ukuthi cha nakuDistrict kakuhambi kahle, sivele sayibhalake manje sayibhekisa ehhovisi elikhulu lomnyango esifundazweni, nakhona kwathi nya. Asiphelanga moya ke ngoba saphinde sabhala futhi enye incwadi sayiphindisela khona ehhovisi lesifundazwe. Lenake yesibili sabe sesiyibhala ihambisane nezincwadi ezibhekiswe kuMqondisi uMnu. Naidoo, Inhloko yomnyango uMnu. Ngcobo kanye noMEC wezemfundo uMnu. Sipho Hlomuka sibachazela ngalenkinga esibhekene nayo,” kwenaba leli lungu lebhodi esiligodlile igama lalo.
“Impendulo esayithola evela ehhlovisi likaMEC yathi thina njengebhodi elengamele isikole asingene kuloludaba kodwa lolu ngudaba okumele lukhulunywe umnyango kanye nezinyonyana ezimele othisha. kwasidida ke lokhu kokuthi asingene kuloludaba kodwa sibe singabazali bezingane ebezifundiswa yilothisha engaholi sonke lesi sikhathi,” Kuchaza ilunga.
Kuthiwa kunencwadi efikile kulesi sikole iphuma ehhovisi likaMqondisi esifundazweni uMnumzane uNaidoo ethi umnyango uzoletha uthisha ozongena kulesi sikhala salothisha owahamba. Okumangaza umkhandlu ukuthi lencwadi isayinwe ngegama likaNaido kodwa uma beyibheka lendlela yokusayina, ayefani nhlobo nendlela uNaidoo asayina ngayo ezinye izincwadi, okwenza bacabange ukuthi kungenzeka kube nomkhonyovu okhona.
Lamalungu ebhodi athi noma engalethwa uthisha womnyango angeke bamamukele bengakayitholi incazelo yokuthi kumele kwenzekeni ngalothisha owasuswa kwaGrade R wasiwa kwaGrade 1 futhi ongakaze ahole ngisho indibilishi lena kusukela aqala ukufundisa nyakenye.