Esinye isigameko esimataniswa nokudla okunoshevu sidlule nomunye umiphefumulo womfana oneminyaka emihlanu eDiepkloof, eSoweto.
Abanye abafana abathathu abasesimeni esibucayi esibhedlela.
Kukholakala ukuthi lezi zingane ziqale ukugula emuva kokuthi zidle ukudla okulula ezithengwe espaza sakule ndawo, izolo.
Ikhansela lewadi uBrenda Dammie usigxekile lesi sigameko.
Uthi, “Abantwana abane abancane, abaneminyaka emihlanu ubudala bahamba bayothenga ukudla okulula, cishe ngemva kwemizuzu engu-20 sebekudlile lokho, omunye umfana wagula, futhi waphuthunyiswa esibhedlela, cishe imizuzu engu-30 kwamenyezelwa ukuthi umfana. wafa.”
UDammie uyanezela, “Abanye abathathu nabo baphuthunyiswe esibhedlela. Sonke sithukuthele ngoba asikwazi ukulahlekelwa izingane zethu nsuku zonke. Inkinga ilele kubanikazi bezindlu ngoba yibona abagcina laba bantu ezindlini zabo bavule. Ngikhungathekile nje.”
Amaphoyisa aseGauteng avule idokodo lophenyo kulandela lesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uDimakatso Nevhuhulwi uthi, “Ngokwemibiko, ingane ibiphalaza futhi inesisu ngaphambi kokuba iyiswe emtholampilo wendawo lapho kuthiwa isishonile. Imbangela yokufa ayikaziwa okwamanje, njengoba kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu sakhe.”