Ihhovisi likaNobhala uMnuz Bheki Mtolo weAfrican National Congress (ANC) KwaZulu-Natal libhalele unobhala wesifunda INkosi Bhambatha Region uMnuz Lucky Khumalo limazisa ngokuthi ubani ozohola umkhankaso wakhetho oluzayo lika hulumeni kazwe lonke kanye noluka hulumeni wezifundazwe.
Encwadini ebhalwe ngunobhala uMtolo iyakuveza ukuthi uMnuz Jomo Sibiya ongowokuzalwa esiLutshana eNquthu khona eNkosi Bhambatha Region uyena ozohola imikhankaso yokhetho aphinde acije amavolontiya ngamasu okuyobhekana nezakhamizi zase Mzinyathi namaphethelo.
Unobhala wesifunda uKhumalo uthi bayakwamukela ukulethwa kuka Sotobe azosebenza kulesiyasifunda uveze ukuthi vele uyindoda ethandayo ukusebenza nomphakathi futhi indoda enesineke kakhulu.
Kanti uSibiya asikwazanga ukumthola ukuthi aphawule uthe okwamanje akekho ezweni uhambe nomengameli basezweni i-Qatar kodwa uma ebuya uzokhuluma naleli phephandaba.