Usathuthumela umphakathi wasendaweni yasembuzweni eMnambithi ngesigameko sokudutshulwa kubulawe owesifazane namuhla ekuseni kulendawo.
Ngokwemibiko yabazibonele, kuthi lona wesifazane ubeme esitobhini okusolakala ukuthi ubelinde izimoto zokuhamba ngesikhathi kuqhamuka umlisa okusoalakala ukuthi bayizilobo naye maqede wavulela ngenhlamvu ebhekise kulona wesifazane. Abazizwele bathi isibhamu siqhume kwaze kwaba kahlanu ishoba lalala amazolo kulona wesifazane.
Ayikaziwa imbangela yokubulawa kwakhe kodwa kusolakala ingxabano yomndeni. Amaphayisa afikile endaweni yesigameko athola ukuthi umsolwa usembe wembulula, kanti amaphoyisa asezithendeni zakhe.
Yinde ingalo yomthetho , izabuya naye ephila. ðŸ˜