UkhoziFM umsakazeli womphakathi osakaza ngesizulu ongaphansi kwe SABC nokleliswe njengohamba phambili eNingizimu Africa naseAfrica.
Lomsakazo usematheni kulezinsuku ngemuva kokudlula emhlabeni kwalowo esimazi njengomethuli wezemidlalo uIvin Sihlophe. Ezinsukwini ezedlule kube nezikhumbuzo ezahlukahlukene nalapho abangani nezihlobo bebemhlonipha okokugcina.
Esikhumbuzweni ebesihlelwe ebandleni elidumile eliholwa nguMfundisi uDube iEthekwini Community Church izolo kugqame izinkulumo eziningi ezisole umsakazo UKhozifm ngokungamphathi kahle uSihlophe, izikhulumi okubalwa nomfundisi waleliya bandla uMfu Dube ziveze ukuthi Ukhozi alumhloniphanga uSihlophe, belumholela amakinati lumfukuzisa licasha ngokuthi ubengumuntu ongakhethi msebenzi kanti kudlalwa ngaye. Bathi akumele nakancane ngabe bakhombisa ukudabuka ngokudlula kwakhe kahle kahle bayazenzisa kusho bona.
Abalandeli balomsakazo ezinkundleni zokuxhumana sebezwakalise ukudabuka okukhulu abanye sebecabanga nokungabe besawuseka lomsakazo ngenxa yalezi zinsolo kanti bathi bayawakhumbula manje amazwi alowo owayengumsakazi kulomsakazo uNgizwe Mchunu okade esola abaphathi balomsakazo ngokungalungi.