Umphakathi waku ward 10 Steadville kumaspala iAlfred Duma ukhathazekile ngokuphepha kwawo nezingane zawo njengoba usola omazakhele ngokutshontsha ugesi ngokungekho emthethweni.
Ilunga lomphakathi lithi kunemizi emisha eseThembalihle yiyo Lena efike yazitshotshela ugesi kamaspala.
Leli lungu lomphakathi liveze ukuthi abantu basendaweni eyaziwa ngokuthi yiThembalihle ugesi bawudonsa esigxobeni phezulu wehle ngesigxobo uze uyofika phansi, kwalezintambo zabo abadonsa ngazo zinqunu azikho sesimeni esihle.
“Kunenkulisa laphayana, izingane zethu zizobulawa ilogesi onqunu lapha ngisho nomama abaphekela izingane banenkinga manje ngoba bashokhwa ilongesi, kuzovela ingozi manje ngoba logesi usunomthamo omningi manje futhi usuwa njalo.”.
Bacela umaspala ulekelelane nekhansela ngoba bathi imizi emisha le efikayo yiyo Lena eyenza lemihlola bona bayawuthenga ugesi futhi abazifuni lezi “zinyokanyoka.”
Kanti iKhansela lendawo uKhansela Xolani Mngadi uthi uyayizi inkinga kagesi futhi sebeke babika izikhawana ngalendaba, uthi naye qobo lwakhe uke waya wazibonela walidlulisa udaba kumaspala usalinde wonake ukuthi umphendule kodwa naye uyayibona ingozi engavela ngalo gesi.
Ikhansela liveze ukuthi lomphakathi otshontsha ugesi, umphakathi omusha osanda kufika lapha Elokishini laseSteadville. Ube esenxusa lomphakathi ukuthi upheze ukwenza lomkhuba ngoba ubeka izimpilo zabantu engcupheni.