Sekuqubuke umsindo ngokusabalala kwezindaba zokuthi uMsakazi wokhozi FM uZimiphi Zimdollar Biyela uthunyelelwe incwadi aziswa ngokukuthi udingeka enkantolo kamantshi eshowe ngomhla ka 12 kuZubandlela kuwo lonyaka.
UmaBiyela kuthiwa ubhekene namacala ahlanganisa ukutholakala kwezibhamu emzini wakhe ngo 2020. Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa esifundazweni iKwaZulu-Natal uKholoneli Robert Netshiunda, uZimiphi watholakala nesibhamu sohlobo lwe AK47, .22 rifle, .303 rifles kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni. UNetshiunda uthi kwaphinde kwatholakala nenjini yemoto eyetshiwe enezinombolo ezisuliwe.
Iningi labantu ezinkundleni zokuxhumana lixhumanise lesi sehlo nokuxabana okukhona phakathi kukaZimdolla nongqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele. Uzokhumbula ukuthi lona leli phephandaba likubikele ngokungahoshelani kahle okukhona phakathi kukaZimdollar noCele emva kokuba uZimdollar agxeka amaphoyisa ophiko lweNIU ohlelweni lwakhe oKhozini FM. uNdosi waphendula wathi amaphoyisa abulawa kangaka nje yingenxa yabantu abanjengo Zimdollar abavuna izigebengu.
UZimdollar akatholakalnga ukuze aphawule ngaloludaba.