Umsakazi woKhozi FM uZimiphi Zimdola Biyela ongumethuli wohlelo lwasemini kulomsakazo uthi uselala obenyoni ngenxa yokwesaba amaphoyisa. Kumfanekiso oqoshiwe, lomsakazi ubonakala ehlengezela izinyembezi echaza ukuthi akasalali nasebusuku ngenxa yomahlebezi athi uzoboshwa ngoba unezibhamu.
“Anginazibhamu mina. Nanoma ngiyasazi isibhamu ngisazi ngokusibona ngoba ekhaya kunenkampani yonogada. Abafowethu banazo futhi ekhaya yinto engafihlwa isibhamu, kodwa mina anginaso sidalo.” kusho lomsakazi ehlengezela izinyembezi.
uZimdola uthi uzwa kuthiwa amaphoyisa ophiko lwe NIU awasalali ebusuku amfuna uthuli ngenxa yalezi zinsolo. Lentokazi isola ukuthi inkulumo yakhe ayenza emsakazweni ethinta loluphiko lwamaphoyisa eyamdalela amazinyo abushelelezi emaphoyiseni. Uzokhumbula ukuthi uMaBiyela lo uke waba semanzini abilayo ngenkulumo ayenza egxeka indlela lolu phiko lwamaphoyisa olusebenza ngayo nathi abafowabo badutshulwa yiwo lamaphoyisa. Lenkulumo yamadalela amazinyo abushelelezi ikakhulukazi emaphoyiseni kwaze kwangenelela noNgqongqoshe wezamaphyisa kuleli uMnuzane uBheki Cele.
UCele, ekhuluma emngcwabeni welinye iphoyisa elalidlule emhlabeni ngokudutshulwa lisemsebenzini wamgxeka kakhulu uZimdola ngalenkulumo wathi uvikela izigebengu. Wakubeka kwacaca ukuthi yizinkulumo ezinjengezika Zimdola ezinika izigebengu isibindi sokudubula amaphoyisa.
UMabiyela uphinde azwakale exolisa kulevideo,”Uma kungukuthi yinkulumo yami engenza ngesatshiswe kanje, ngiyaxolia kakhulu kuwo wonke umuntu owathinteka ngayo nami ngangenziwa ubuhlungu bokufelwa.”