Ukhihla esikaNandi umaspala wase-Alfred Duma ngakubiza ngokuthathwa kancane uhulumeni wesifundazwe saKwazulu-Natal. Lomaspala ukhiphe isitatimende izolo ukhala ngesimemezelo esenziwe nguNgqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu kanye nemisebenzi yomphakathi uMnumzane Sipho Nkosi emcimbini wokunikezela kwamatiyitela kubantu baseSt Chads izolo. UNkosi utshele umphakathi obugcwele phama ethendeni ukuthi unqatshelwe ukungena emahhovisi kamasapala futhi wanganikezwa lamatayitela. UNgqongqoshe uqhube wathi uyawephuca lomaspala imvume yokunikezela ngamatayitela ngoba akawethembi ukuthi uzokwazi ukuwenza ngokuthembeka lomsebenzi.
ihhovisi leMeya uKhansela Zama Sibisi lithi umnyango wezokuhlaliswa kwabantu azange ukhulume nobuholi balomkhandlu obuholwa uMeya uSibisi ngaloludaba lwalomcimbi kanye namatayitela, kodwa ukhulume nabasenzi bakamaspala. Leli hhovisi lithi loku likubona njengokweyisa abaholi bakamaspala ngoba lo Mnyango uyazi ukuthi yimiphi imigudu okumele uyilandele ukuze uxhumane nehhovisi likaMeya.
Isitatimende saloMaspala sithi lo maspala umangele usubona kwabezindaba ukuthi uNgqongqoshe usebavalile ukunikezela ngamatayitela kubantu base-Alfred Duma.
Lomaspala uthi loMnyango awuqali ukuzama ukuvimba lomaspala ukuthi ulethe izidingo zabantu, “Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, sike sazama ukuthi sihambise uhlelo lokwethulwa kukasonkontileka kwenye yezindawo, sathola ngabezindaba ukuthi inhloko yomnyango wezokuhlaliswa kwabantu usubhale incwadi ibhalela iMenenja kaMaspala i-Alfred Duma ukuthi lomaspala uyeke ukwethula losonkontilela, umnyango wasabisa ngokunswinya lomaspala kwezezimali uma uqhubeka nokwethula losonkontileka.” Kusho isitatimende.
Lo maspala weluleke uNgqongqoshe womnyango wezokuhlaliswa kwabantu ukuthi ujezise nabasebenzi basehhovisi lakhe abehlulekile ukuhlela kahle lomcimbi okwenze ukuthi uNgqongqoshe ahambele amahhala kumosheke nemali yabakhokhi bentela ngobala.