INational School Nutrition Programme eKZN ithi ukunyuswa kwesabelomali salo kuzoyisiza ekuxazululeni izinselelo zezimali.
UNgqongqoshe wezeziMali uFrancois Rodgers wethule kabusha isabelo-mali sesifundazwe ngoLwesine wamemezela ukuthi uzokwenyuka ngo-R19 million ohlelweni lonyaka wezimali wezi-2024-2025.
UMnuz Lindani Matiwane wohlelo lokuphakela abantu uthi lokhu kwenza isabelomali sabo sifinyelele ku-R2.2 billion.
Uthi lokhu kuzobasiza ukuthi bathuthukise ukwabiwa kwezinsiza ezikoleni.
“Sisalele emuva kakhulu ngalesi sabelomali, futhi okwamanje, sisalele emuva kakhulu uma siqhathanisa nemali esiyiholayo nesiyisebenzisayo.
“Uma kukhona noma yiluphi uhlobo lokwenyuka kuzoba nomthelela omuhle. Kunzima kakhulu ukusebenza kahle ngoba, njengoba kunjalo, okunye ukudla kuyindlala kakhulu.”