Abawuvali umlomo abazali bezingane izingamakhulu amathathu ezihambe izinyanga ezimbili ziyofundiswa ubudoda eNquthu.
Omunye wabazali bathi lelisiko labo njengaMakholokoe lokuya eNtabeni lubaluleke kakhulu ngoba lukhuthaza ukuziphathe ezinganeni zabafana.
Lomcimbi wokwamukela labafana esebengamadoda ngemuva kukulandela yonke imingudu yasentabeni nokwenza izifungo kubazali babo ubanjelwe endaweni yaseZicole eNquthu ngempelasonto esisuka kuyona.
Isishoshovu samasiko kanjalo no mgqugquzeli walelisiko ongumholi wesizwe sama Makholokoe u uMunz Lucky Moloi uthi uhlelo lalonyaka luhambe kahle kakhulu ngoba abantwana ababe yinxenye loluhambo lwase ntabeni bebengamakhulu amathathu futhi babuye bonke bephelele bafunga bonke ukuthi bazohlonipha isizwe basivikele ngayo yonke indlela.
UMoloi uthi kubona nje ngesizwe sama Makholokoe kanjalo nabe Sothu nje bonke kusho lukhulu lokhu ngoba kwenza abafana bakulangazelele ukuba ngamadoda ngokwezimfundiso abazitholayo kulolusiko lweminyaka.
Kanti inkosi yesizwe sakwa Hadebe e Newcastle ewuhambele lo mcimbi ithi kumele nabo njenga makhosi esizwe ezahlukene kumele baweseke lomcimbi omuhle kangaka ezizweni zabo futhi uma kukhona abantwana abafuna ukuya eNquthu ukuyobona lomkhosi babavumele futhi babahlelele nendlela yokufinyelela khona.
Kanti inkosi yesizwe sama Makholokoe inkosi Moloi yase Free State ithi kulonyaka ngathi lomkhosi ube mukhulu kakhulu futhi nezinga beliphezulu kakhulu kuneminye iminyaka eyadlula.
Lomkhosi ubanjwa njalo ngemuva konyaka njengoba wagcina ukugujwa ngongyaka ka 2022.