Ingqungquthela yama-25 ye-Aids International iyaqhubeka eMunich, eJalimane namuhla.
Le ngqungquthela ihlanganisa izikhulu zikahulumeni, izinhlangano zomphakathi, ososayensi kanye nalabo abathintwe yi-HIV ne-Aids.
I-UNAIDS izokhipha umbiko ogcwele ngomthelela wengculazi emazweni ahlukene.
I-SABC News ikhulume noMqondisi oMkhulu we-UNAIDS uWinnie Byanyima ngokuqukethwe umbiko.
Uthi, “Uma ubuchwepheshe bakamuva bokuvikela nokwelashwa kwabelwana ngabo, impumelelo ingabonakala ngokushesha ekulweni nalesi sifo. Umbiko uveze ukuthi ukutheleleka okusha kwehla ngokushesha kakhulu emazweni ase-Afrika eseningizimu yeSahara. ENingizimu Afrika, abantu abatheleleka ngaleligciwane namuhla bangaphansi kwengxenye yalokho ababeyikho ngo-2010.”