Inkampani kahulumeni ephakela ngogesi kuleli ibhekene nesimo esibucayi sokuwa bhu phansi ngenxa yezikweletu.
UNgqongqoshe Kgosientsho Ramokgopa usekhiphe isixwayiso sokuthi lenkampani isingawa noma yinini uma kungabhekwana nesikweleti enaso.
Ramokgopa uthi omaspala bakuleli bakweleta uEskom imali elinganiselwa R78 Billion futhi lesikweletu senyuka ngesivinini.
Uthi kuzodingeka kubhekwane nalenkinga ngokushesha.
UEskom udinga imali eningi ukuze uzoyitshala kwingqala sizinda yawo ukuze ubuyise ukusebenza kwawo esimeni.
OMasipala kumele bakhokhe lemali yize kungathembisi ukuthi bayoke bakhokhe njengoba iningi labo lithi alinamali.
URamokgopa uthi “lesikweletu senza ikusasa lalenkampani lifaphale uma kuqhubeka ngaloluhlobo kuyothi kushaya u2050, uEskom uyobe ukweleta imali elinganiselwa ku R3.1 trillion”.