Abaholi bakahulumeni badlulise amazwi enduduzo emindenini yezicishamlilo eziyisithupha ezishone ngesikhathi zibhula umlilo oshise ipulazi KwaZulu-Natal Midlands ngeSonto.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli kanye noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (CoGTA) uMnuz Velenkosini Hlabisa, bavakashele imindeni kuleli sonto ngenhloso yokudlulisa amazwi enduduzo egameni likahulumeni kazwelonke nowezifundazwe.
UMabongi Shishane, Ntombikhona Nxele, Nonsikelelo Zuma, Vusi Hudula, Nomfundo Nxele, noKhethiwe Ngcobo, balahlekelwe yizimpilo zabo ngesikhathi bebhula umlilo epulazini ngaseMpophomeni.
Izicishamlilo zaseFamusa, okuyinkampani enenkontileka ehlinzeka i-Sappi ngezicishamlilo, balahlekelwe izimpilo zabo ngesikhathi bebhula umlilo, okusolakala ukuthi uqalwe abazingeli abangekho emthethweni, ku-R617 ngaseBoston naseMpophomeni.
Imililo ecekele phansi amahektha omhlaba eMpophomeni namaphethelo idale umonakalo omkhulu kubalimi.
Kulolu hambo, uNtuli, uHlabisa kanye nesekela lakhe u-Dickson Masemola, oNgqongqoshe bakwa-KZN, nabaholi bendabuko, phakathi kwabanye, bahlangane eBoston, kuMasipala Wendawo waseMngeni ukuzohlonipha futhi banikeze usizo emindenini elahlekelwe.
Abaholi bagcizelele ubuqhawe nokuzinikela kwabacishimlilo abangasekho, bevuma ukuzidela kwabo ekugcineni emsebenzini.
UNtuli udlulise amazwi enduduzo, eveza ukuthi isibindi nokuzinikela kwalaba bacishimlilo abangasekho, ngeke bakhohlakale.
“Ukuzinikela kwabo ekuvikeleni imiphakathi yethu, ngisho noma izimpilo zabo zilahleka, kuwubufakazi bobuqhawe babo. Sikhona ukuzokweseka kulesi sikhathi esinzima,” kusho uNtuli.
UNtuli uphinde wanxusa ukuthi kubuyekezwe ngokushesha imigomo nezinsiza ezikhona ukuze kunqandwe lezi zinhlekelele esikhathini esizayo.
“Kumele siqinisekise ukuthi izicishamlilo zethu nabo bonke abezimo eziphuthumayo bahlonyiswe ngamathuluzi adingekayo nokwesekwa ukuze benze umsebenzi wabo ngokuphepha,” kusho uNtuli.
UHlabisa uhambe emazwini kaNtuli, egcizelela isidingo sokuqhubeka nokwesekwa emindenini nasemiphakathini ekhahlamezekile kulokhu kulahlekelwa kabuhlungu.
“Simi nemindeni esikhathini sayo sosizi futhi siyathembisa ukuthi sizobeseka njalo. Ukuzinikela okwenziwe yilaba bacishamlilo kuveza ubungozi obubhekene nabezimo eziphuthumayo nsuku zonke,” kusho uHlabisa.
UNgqongqoshe uphinde wedlulisa amazwi enduduzo emindenini yabashonile kanye nezisulu zokusha kwequbula phambilini okucekele phansi izingxenye zeSigodi seSilo uCetshwayo, iLembe, uThukela, neZululand kwadlula nemiphefumulo eyisikhombisa.
Laba baholi baphinde baqinisekisa imindeni ukuthi bobabili ohulumeni kazwelonke nowezifundazwe bazohlinzeka ngosizo oluqhubekayo ukuze bayisize kulesi sikhathi esinzima.
Abaholi bendabuko abebekhona ngesikhathi sokuvakasha nabo bazibophezele ekwesekeni imindeni ethintekile banxusa nobumbano lomphakathi ngalesi sikhathi sokuzila.
Khonamanjalo, Isikhungo Sikazwelonke Sokulawulwa Kwezinhlekelele (i-NDMC), esibambe iqhaza elibalulekile ekuphathweni nasekusetshenzisweni komthetho wezinkonzo zomlilo nemisebenzi ehlobene nayo, simi ngomumo ukweseka iMidlands Emergency Management Services kanye neziphathimandla zendawo zaKwaZulu-Natali ngalesi sikhathi sokulila nokululama.