Isikhulu samaphoyisa KwaZulu-Natal sithi uphiko loKlebe luzophenya ngemizamo yokusoconga kommeli wakwaSARS. UCoreth Naude uhlaselwe ngoLwesine ngesikhathi elinde esangweni lehhotela laseMhlanga.
Kuyacaca ukuthi oshayasibhamu ababili bafike kuye badubula bebhekise kuye amahlandla amaningi.
Amaphoyisa athi ukwazile ukuzishayelela yena wabaleka esuka endaweni yesigameko waze wafika endaweni ephephile, waphuthunyiswa esibhedlela.
Abasolwa babaleke endaweni yesigameko.
Kuyaqondakala ukuthi uyingxenye yodaba lwentela oluthinta usomabhizinisi wesifazane odumile waseThekwini.
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uMnuz Nhlanhla Mkhwanazi, utshele isithangami sabezindaba ngoLwesihlanu ukuthi abazi ukuthi kungani uNaude kungani kukhona abazama ukumbulala, kodwa basebenzisana kakhulu nabakwaSARS ukuthola imbangela.
“Asikwazi ukuqagela ngembangela, futhi ngeke sisole muntu okwamanje. .
“Sizokwenza isiqiniseko, njengabagcini bomthetho, ukuthi siyabavikela futhi siqinisekise ukuthi labo abathintekayo kulowo mzamo babhekana nengalo yomthetho.”