Amabhange, izindiza, izingcingo, ngisho nezitolo ezidayisayo zithinteke kakhulu ngenxa yokunqamuka komhlaba okudalwe yiMicrosoft.
Isibuyekezo esivela enkampanini ye-cybersecurity sithinte isigcinalwazi sohlobo lwe-internet elaziwa ngeClowd e-Microsoft, okubangele ukuthi ubuxhakaxhaka babo buphazamiseke.
Le nkinga ibangele izinkinga ezinkampanini eziningi emhlabeni, onomthelela emabhange, abathengisi, izikhumulo zezindiza, namanethiwekhi ezindaba.
I-Capitec Bank kanye ne-Airlink ziphakathi kwezinye zezinkampani zakuleli ezithikamezeke ngenxa yokunqamuka kwe-Microsoft emhlabeni jikelele.
Nokho, kwamanye amazwe, umphumela ube mubi kakhulu.
USteven Werner, umphathi siteshi weKIIS Radio eSydney, e-Australia, uthe yonke imisakazo yakuleliyazwe ayixhunyiwe ku-inthanethi isikhathi esingaphezu kwamahora amathathu.
UWerner ugqamise eminye imikhakha ethintekile.
“Izindiza zibambezelekile, abantu abakwazi ukungena ngendlela esikhumulweni sezindiza. Inethiwekhi yeselula enkulu kunazo zonke e-Australia, i-Telstra, nayo iyathinteka.
“Abadayisi bayathinteka lapha ngoba abantu abakwazi ukukhokha ngaphandle uma benemali ngenxa yokuthi i-EFTs [Electronic Funds Transfers] ayisebenzi ukuze basebenzise amakhadi abo.”
Izindiza eziningi ezinkulu emhlabeni wonke zimisiwe ngenxa yokunqamuka kweMicrosoft.