Uphiko oluphenya amacala ayisipesheli (SIU) luthi luphezu kwezinhlelo zokuqoqa imali engaphezu kuka-R112 million kwabahlomulayo abebengafanele ukuxhaswa yiNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
I-SIU ithe okungenani bangu-421 abafundi abaphuma ezikhungweni ezehlukene asebesayine izivumelwano zokuthi bazoyikhokha le mali ngokuhamba kwesikhathi.
Lolu phiko lujutshwe ukuba luphenye izinsolo zenkohlakalo nokungaphathi ngendlela kwa-NSFAS kanye nokubuyisela noma yikuphi ukulahlekelwa kwezimali okwenzekile.
Okhulumela i-SIU, uKaizer Kganyago, unxusa labo abathola imali ye-NSFAS kungafanele ukuthi baphumele obala.
“Ngaphezu kwe-AODS, i-SIU isithuthuke kakhulu ekubuyiseni imali ebingakabiwa, kanti iNyuvesi yaseFort Hare kube inyuvesi yakamuva ukubuyisela imali ebingakabiwa yezigidi ezingama-R277. Lokhu kwenza isamba semali esibuyisiwe sibe ngaphezudlwana kuka-R1.1 billion. “