Kusabalale umbhalo ezinkundleni zokuxhumana lapho elinye lamaciko likhombise ukungenami ngokungaphatha kahle lihambeke indawo yamaciko iKZN Music House lapho lithi belifuna indawo yokuzilungiselela ( rehearsals) langavumeleka.
Leliciko lithi lake lezwa kuthiwa vele uTzozo ongumholi weCCFSA okuyinhlangano yamaciko uyaziwa ukuthi lendawo isetshenziswa kuphela uma kuvuma yena uthi nangempela lokhu kwenzekile kuye uyalelwe ukuthi ayozama kwezinye izindawo.
Kukhona abathi lombhalo owomuntu nje ofuna ukufeza izinhloso zakhe kanti abanye bathi laba bavikela uTzozo ngoba behlomula.
Kulezi zinsolo kuvela ukuthi umfokaZulu uvalela amanye amaciko ngaphandle.
Bathi kumele umnyango ubavezele malini uxhaso olwatholwa yiCCIFSA, yenza ziphi izinhlelo futhi bangaki abahlomula kuyona.
UNgqongqoshe wezemidlalo, amacikho namasiko uMnu Khawula uthi bazibonile lezindaba ezingekho zinhla bacela abaciko ehlise umoya ukuze bezokwazi ukubhekana naloludaba.