Amaphoyisa athi kubikwe imililo eyishumi eyehlukene ngonyaka odlule nje kuphela eKenville Informal Settlement, eDurban North. Kuphenywa icala lokushiswa komlilo ngemuva komlilo wakamuva odlule nemiphefumulo yowesifazane okhulelwe wacekela phansi imizi engaphezu kuka-200.
Inhlekelele yangeSonto ishiye imindeni engaphezu kuka-400 ingenamakhaya.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoLwesibili, uKhomishana wamaPhoyisa eKZN, uMnuz Nhlanhla Mkwanazi, uthe iningi lala macala kunzima ukuphenya.
“Ibalelwa ku-17 imijondolo. Isigameko sakamuva esenzeke, umbiko esiwuthole ethimbeni labaphenyi uthi umlilo uqale ngaphakathi emjondolo.
“Ibuhlungu lento kodwa siyanxusa ukuthi basilekelelwe ngengalo yomthetho, asiyizwa kahle le mililo ikakhulukazi emijondolo. Ngakho siyethemba ukuthi uma sithola abasolwa kunoma yiliphi icala lokushiswa kwempahla. ngithemba ukubaletha enkantolo futhi kuzoba khona ukushushiswa okuyimpumelelo.”