UMqondisi wezokuMaketha nokuThengisa kuKaizer Chiefs uJessica Motaung uthi iqembu lisaxoxisana nesilomo seqembu u-Itumeleng Khune.
Ngesizini edlule, leli qembu lathi uKhune ubesemkhankasweni wakhe wokugcina ngaphambi kokuthi ashintshele komunye umkhakha ngaphakathi kuChiefs, njengoba bebegubha iminyaka engu-25 ekuqembu.
Nokho uKhune umile kwelokuthi akazimisele ngokuthatha umhlalaphansi futhi akazimisele ngokukhothamela okushiwo yisitatimende seqembu noma aphoqwe ukuthi athathe umhlalaphansi.
Eminyakeni engu-37 ubudala, uKhune usephelelwe wushatini kulezi zinkunzi zaseSoweto kanti ukhishwe ngokusemthethweni kuleli qembu ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe ekupheleni kukaJuni, akayona nengxenye yeqembu eliseTurkey ekhempini yalo yokulungiselela isizini.
“Mayelana noKhune, iqembu lizokwenza isimemezelo, impela besixoxisana noKhune, uyingxenye yomndeni, iminyaka engu-25, ngisho ukuthi ufana nomfowethu omncane kimi uyazi,” kusho uMotaung.
“Sinezingxoxo mayelana nokuthi angakanani amathuba angamvulekela futhi sibheke ngabomvu ukumemezela lawo ngokuzayo.”
UKhune usenqobe izindebe ezingu-12 kuChiefs, okuhlanganisa nezicoco zeligi ezintathu ngesikhathi edla anhlamvana.