Umbutho wezokuvikela waseNingizimu Afrika (i-SANDF) uphenya ngokushona kwamalungu awo amane ashonela e-Orkney eNorth West.
I-SANDF ithe amalungu ashonile atholwe ngaphakathi kwesakhiwo samakhonteyna ebesisetshenziswa njengendawo yonogada abebesebenza amahora angu-24 ngoMgqibelo ngamalungu abezowakhulula emsebenzini olandelayo.
Amasosha athi la malungu ajutshwe amahora angu-24 endaweni engasebenzi yezimayini engu-3, eseduze nenkundla yezemidlalo iHarry Oppenheimer Stadium engasasetshenziswa, obekuyisizinda sezimayini ezingekho emthethweni.
Amasosha abejutshwe lapho njengengxenye ye-Operation Vala Umgodi.
Lo mkhankaso uhlose ukubhekana nemisebenzi yezimayini engekho emthethweni.
“Kubizwe i-SAPS [South African Police Service], ngesikhathi kuhlolwa indawo yesigameko, bashone bobane, bephethe izibhamu nezimpahla zabo. Udokotela wesifunda ubizelwe endaweni yesigameko wahlola izidumbu waqinisekisa. akekho olimele,” kusho okhulumela i-SANDF uSiphiwe Dlamini.