UMengameli Cyril Ramaphosa uthi izinsuku ezingaphezu kweziyi-100 zokungacishwa kukagesi kumele zinikeze isikhuthazo sokuqinisekisa ukuphepha kukagesi esikhathini esizayo.
Kodwa-ke, uRamaphosa uphinde waxwayisa ngokuthi lolu hlelo lusesengcupheni futhi abakakwazi ukukuvimba ukuthi kungase kubuye ukucishwa kukagesi.
Ebhala ephephandabeni lakhe lamasonto onke, uRamaphosa uncome ukuthuthukiswa kohlelo lokuvuselela nokulungisa ukusebenza kwe-Eskom.
Umengameli uphinde athi njengoba uHulumeni Wobumbano Lwesizwe (GNU) eqala umsebenzi wawo, kuzomele uqhubekisele phambili umfutho okhona.
Yize abanye abantu beye banqanyulwa ugesi noma bencishwa ugesi ezindaweni ezinjengeGoli, u-Eskom usuhambe izinsuku ezingaphezu kweziyi-100 ngaphandle kokucisha.
URamaphosa uthe ukuthuthukiswa kwe-Eskom kulezi zinyanga ezintathu ezedlule kungenxa yokuqaliswa koHlelo Lokusebenza Kwezamandla olwaqalwa ngoJulayi 2022.
Uthe izwe liyayibona eminye yemiphumela yalolu hlelo nokusebenzisana phakathi kukahulumeni, osomabhizinisi nabanye osocial partners.
Umongameli uthe ukuthuthukiswa kokulungiswa kwe-Eskom kubone intuthuko ephawulekayo ekusebenzeni kweziteshi zikagesi ezikhiqiza ugesi omningi waseNingizimu Afrika.
URamaphosa uthe lokhu kuthuthukiswa kuphinde kukhuphule umnotho wezwe, oncike ekutholakaleni nasekuthembekeni kokuphakelwa kukagesi ukuze ukhule.