UMbuso usuwahoxisile wonke amacala abethweswe umethuli wezinhlelo zethelevishini nomrepha uMolemo ‘Jub Jub’ Maarohanye.
UMaarohanye ubebhekene namacala amathathu okudlwengula, amabili okuzama ukubulala nelilodwa lokushaya.
Wazinikela emaphoyiseni eGoli ngonyaka odlule ngemuva kokuthi inkantolo ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe.
Ngaleso sikhathi, uMbuso wawuthe amanye amacala aqala ngo-2006.
UMaarohanye ungaphandle ngebheyili ka-R10 000.
Okhulumela iNPA uPhindi Mjonondwane uchaze izizathu zokuhoxiswa kwamacala.
“Lesi sinqumo silandela ukucutshungulwa kahle kwedokodo lamacala amaphoyisa, umbiko womshushisi nezincomo, kuhlanganiswe nemininingwane etholwe yi-NPA ngokwezethulo ezethulwe ngabameleli ehhovisi loMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi.
“Ihhovisi le-DPP liphethe ngokuthi awekho amathuba okuba kushushiswe ngempumelelo. Ngenxa yalokhu, into ephusile ukuthi yenziwe ukuhoxiswa kwamacala okudlwengula, ukuzama ukubulala nelokushaya uMaarohanye.”