Lwethulwe ngaphandle kwezindlu zikamasipala waseDundee uhlelo lomjaho wamahhashi iDundee July yalonyaka.
Umjaho wamahhasi atelebhelayo ubanjelwa eNdumeni Horse Rasing Track Field minyaka yonke kanti kulonyaka uzoba ngomhlaka 20 July.
Ungqongqoshe omusha wezobuciko amasiko kanjalo nezemidlalo waKwaZulu-Natal uMnuz Mtomuhle Khawula uthe kulonyaka izinga lizobe liphezulu kakhulu ngoba abasiki bengqephu base Mzinyathi yibona ekumele bathole ithuba lokukhangisa umsebenzi wabo.
Uphinde waveza ukuthi iHhashi elizodla umhlanganiso lizohamba nesizumbulu sika R300 000 kanti u Jockey yena uzodla umhlanganiso uzohamba no R30 000.
Lomjaho uzoba ugubha iminyaka eyishumi wasungulwa kusuka ngo 2014 njengoba usuxhaswa umnyango wezobuciko amasiko kanjalo nezemidlalo kwaZulu-Natal kanjalo nehhovisi lika ndunankulu wesizwe nomaspala iNdumeni noMzinyathi.
Umeya wase Ndumeni uMnuz Syabonga Ndlovu kanjalo.nephini likameya wase Mzinyathi u nkkz.Thembi Mchunu bathi hhayi sebeme ngomumo ukwamukela izivakashi ezizoba yinxenye ye Dundee July yalonyaka.