Isikole sabantwana abaphila nezimo ezikhethekile Inkanyezi Special School eSteadville eMnambithi ibe nosuku lokuqwashisa ngezifo zokungaboni emehlweni okuthi yiBlind Awareness Day izolo khona emagcekeni alesi sikole.
Lomcimbi ubuhanjelwe yikhansela lendawo uMnumzane uThabethe, Abaphuma kwinhlangano esiza abantu abasha engaphansi kukahulumeni i-NYDA, izikhulu zomkhandlu Uthukela, abaphuma ngaphansi kukamaspala wasekhaya i-Alfred Duma Local Municipality, uMnumzane Mathebula ovela e-Eye Clinic – Prevention of blindness and protection of eyes, umphakathi kanye nabafundi bakulesi sikhungo.
Ethula inhloso yosuku uthishanhloko wakulesi sikole uNkosikazi Mbuyisa uthe lolu wusuku lubaluleke kakhulu kubona ngoba baningi abatwana abangaboni emehlweni abafunda kulesi sikole. Uphinda wanxenxa izinhlaka zikahulumeni ebezikhona ukuthi zikhuthaze izikhungo ezigunyaza izitifiketi phecelezi ama SITA ukuthi zize eNkanyezi zizohlola ukuthi ngabe lesi sikhungo siseqophelweni elikulungele yini ukuthi bangakhipha izitifiketi ezisemthethweni. Uthishanhloko uthi lokhu kuzosiza kakhulu ekutheni abantwana abaphuma kulesi sikhungo bakwazi ukusebenza.
Umnumzane Mathebula ovela eClinic i-Eye Clinic uncome kakhulu isenzo sale lesi sikhungo sokusungula lolusuku. Uthi lolusuku lubalulekile ngoba abantu abaningi abakazi ngezimbangela ezingadala ukuthi umuntu avaleke amehlo. Ube esecobelela izihambeli ebezikhona ngolwazi olubalulekile oluthinta ukunakekelwa kwamehlo.