Yize amaqembu amaningi ezepolitiki emukele iKhabhinethi kaMengameli Cyril Ramaphosa, amanye azwakalise ukukhathazeka ngobukhulu begatsha lesigungu esiphezulu. URamaphosa umemezele ongqongqoshe abazobumba ikhabhinethi yakhe ngaphansi kukahulumeni wobumbano lukazwelonke izolo ebusuku.
Ikhabhinethi inyuswe isuka ku-30 ​​yafinyelela ku-32 njengoba inamaphini angu-43.
Okhulumela i-EFF, uLeigh-Ann Mathys, uthe akuzukuba khona ngisho omncane umehluko kuleli.
“Ngokunika i-DA izikhundla zongqongqoshe abayisithupha kanye nezikhundla zamaphini ayisithupha phezu kwephini likaSomlomo, i-ANC isidlule izikhundla ezasungulwa ngo-1994.”
U-Athol Trollip we-ActionSA uthi ikhabhinethi entsha izodla imali engaphezu kwesigidigidi samarandi ngonyaka emihlomulo kanye nezinzuzo.
“Kuyasijabulisa ukubona ukuthi imfundo manje isibaqedile u-Angie noBlade, kodwa bagcinwe kwikhabhinethi futhi lokhu kuyakhathaza.”
Okhulumela iBuild One South Africa, uRoger Solomons, uthi kumele kuncishwe izinzuzo zezikhulu okubalwa kuzo izindlu zamahhala zongqongqoshe nezimoto zikanokusho ezibiza izigidi zamarandi.
“INingizimu Afrika manje isizobuswa ohulumeni abagaqele amandla lapho bekugxilwe khona ukunikeza amaqembu izikhundla ukuze asebenzisane.”