Namuhla kulindeleke ukuthi izinkumbi zabantu, izicukuthwane zibuthelane eMngungundlovu njengoba kuzo gcotshwa u numz. Thami Ntulu njengo Ndlunkulu wesifundazwe sakwaZulu-Natal.
Kanti ihhovisi likaNdunankulu wesifundazwe lithi nakanjani namuhla liyothi lishona u Ntuli uzobe esengu ndunankulu futhi esehola uhulumeni wesifundazwe.
Okhipha lezindaba Okhulumela uhulumeni wesifundazwe, uMnuz Bongi Gwala, uthe konke sekumi ngomumo, sebephothule wonke amalungiselelo. UGwala ubekhuluma ephuma emhlanganweni nabezokuphepha.