Umculi osafufusa uLuke Ntombelalo uthi namanje uDJ Tira usamthumelela imiyalezo emncenga ukuthi ayeke ukubhala ngaye ezinkundleni zokuxhumana.
Lomculi, wagqama kakhulu emavikini amabalwa edlule ngesikhathi ebhala ekhasini lakhe lakuFacebook esola loDJ odumile ngokumfakela okuthile esiphuzweni maqede wavuka embhedeni wakhe engabonanga ukuthi kwenzeka kanjani. Kuloluxhaxha lwemibhalo uLuke ucela uTira ukuthi amchazele ukuthi kwenzakalani ngalobuya busuku ngoba yena akakhulumbuli evumelana naye ukuthi baye ekameleni.
ULuke ubekhuluma noSandile M kwiPodcast ebizwa ngokuthi yiThe Basement Podcast ngempelasonto. Lomculi uthi uTira wamthelela isiphuzo maqede wavuka embhedeni wakhe,”Noma ngingasakhumbuli ukuthi hlobo luni lwesiphuzo angithelela sona, kodwa sasingenatshwala. ngikhumbula ngisiphuza lesi siphuzo kodwa okwenzeka emva kwalokho angikukhumbuli nhlobo. ” kuchaza lentokazi ethe ngaphandle kokucula iphinde ibe nomsebenzi ewenzayo wansuku zonke.
” Namanje uTira usangincenga ngemali, futhi ulokhu eyikhuphula kancane kancane. kodwa mina ngimile ekutheni ngifuna iqiniso. Alikho inani lemali elingangithenga ngoba angeke ngikwazi ukuzidayisa, ngifuna iqiniso kuphela.”
Lentokazi iphinde yaveza ukuthi ikulungela ukuya enkantolo noTira. Uzokhumbula ukuthi uTira wathumelela lentokazi isitatimende sabameli eimphoqa ukuthi asuse aphinde axolise ngalokhu akubhala ngaye.