Sebebuyele emsebenzini wabo onogada bephini likamongameli wakuleli uMnumzane uPaul Mashatile abamiswa emsebenzini emva kokubekwa icala lokushaya.
Labo nogada abangaphansi kophiko lwamaphoyisa kuleli i=SAPS bazithola bekwenkululu inxushunxushu emva kokuqubuka kwevideo yaqoshwa kweminye yemigwaqo eFourways egoli ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. Kulevideo, kwabonaka laba baqaphi betitinya kabana abalisa abathile ababehamba ngemoto enezinombolo zaseMnambithi.
Laba balisa nokwavela ekugcineni ukuthi akubona abaseMnambithi kodwa babethenge imoto komunye umuntu ongowalapha eMnambithi, banquma ukuthi babavulele icala laboNogada nokwaholela ekumisweni kwabo.
Izolo lowo okhulumela amaphoyisa kuleli u-Athlenda Mathe uthe laba babuyele emsebenzini wabo. “Ngokomthetho we-SAPS ukumiswa kwalowo osolwa ngokuthile kuba yizinsuku ezingamashumi ayisithupha kuphela bese kuyasuswa uma ngabe uphenyo lwangaphakathi lusaqhubeka.” Kusho uMathe
Uqhube wathi laba abakabuyiselwa ekugadeni isekela mongameli kodwa basazoba ngaphakathi emahhovisi okwamanje.