Umphakathi wase Matiwane eNdingeni ku Ward 24 uthi ukhathazekile ngomgodi ovuleke ebhulohweni elincane eliwela abantwanana besikole I Veyisi primary School kanye nenkulusa iNtokozo Yethu Creche.
Abazali babantwana abafunda kulezi zikhungo bathi bayesaba manje ngoba kuna izimvula nje, abantwana bangahle bagaladele kulomgodi onamanzi. Ngendlela oshona ngayo lomgodi, abantwana bangamiza nokuminza uma bengahle bakhalakathele kuwona. Omunye wabazali uthi bacela usizo ngokushesha ngoba kungahle kube nengozi uma kuzodembheswelwa ngalento yaleli bhuloho.
IKhansela lewadi uKhansela uThembinkosi Ngcobo uthi cha naye uyalazi leli bhuloho futhi uwubikela umnyango wezokuthutha ngalo ukuth lidinga ukulungiswa. Kodwa usazoqhubeke abheke ukuzwa kabanzi ukuthi sebekuphi nesicelo. Ikhansela liveze ukuthi lomgwaqo u-D498 ungugwaqo womnyago wezokuthutha akusiwo okamaspala i Alfred Duma.
Umphakathi uthi ucela namake ubani umnyango noma umaspala kodwa ozoba nozwelo nesihe azolungisa lelibholoho kungazwe kuvele umonakalo omkhulu
Kulindeleke ukuthi izikhulu zomnyango wezokuthutha ukuthi ngoMsubhuluko zizolibona leli bhuloho.