Izinduna namabutho aseDundee ahlangane ngaphandle kwesikole eMpisini Primary School eWard 2 elokishini laseSithembile eGlencore izolo, ngenhloso youkuzohlonipha impilo kaNdunakulu kaZulu inkosi Mangosuthu Buthelezi ongasekho.
Amabutho athi avumelene ngokuthi umtwana wakwaphindangene ubambe iqhaza elikhulu ukwakha umbuso kaZulu.
Induna yamabutho uMnuz Thandinkosi Vilakazi ithe isifiso sabo njengebutho ukuba nemifela ndawonye yezolimo ukuxosha ikati eziko. Uthi ngale kokuvunula kumele kube nezinhlelo ezizokwenza isiqiniseko sokuthi amadoda kukhona ekwenzeyo ukuze kuzokwehla izinga lokungasebenzi kanjalo nodlame lasekhaya.
uVilakazi uveze ukuthi enye yezinto eyenza kube nesibalo esiphezulu sodlama lwasekhaya ukuthi amadoda amaningi awasebenzi futhi asechithe isikhathi esiningi esebenzisa izidakamizwa.
Kanti lembizo ihanjelwe nayi meya yamaspala wase Ndumeni ukhansela Siyabonga Ndlovu. uMeya uthi ujabule kakhulu ukubona amabutho namadoda ase ward 2 ehlangene exoxa ngezinkinga ezahlukene ezibahaqile. ” njengo hulumeni kufanele silekelelane nezinhlaka ezihlukene zomphakathi.” Kusho umeya
Uphinde wathi wathi uyakuzwa okuvezwe amabutho izinduna kanye namadoda, uzokwenza isiqiniseko sokuthi uxhumana nabo bonke abathintekayo ukubalwa ibutho nezinduna zase ward 2, uthe vele izinduna ziqinisile umnotho usenhlabathini bayathembise ukulekelela amabutho.
Uthi umeya uzohlela imbizo enkulu yamabutho ase Ndumeni lakuzoxoxwa ngazozonke izinkinga zamadoda uyabonga kakhulu ukuba yinxenye yomcimbi ohlelwe yizinduna.