Ligcwale phama ehholo lase Mnambithi i- Indoor Sport Center eMnambithi izolo emgubheni weminyaka eyikhulu (100) yokuzalwa kwalowo owayenguNobhala waMakhomanisi u Moses Mabhida.
I South African Communist Party(SACP) iphinde yathula iRed October lapho kusuke kuyinyanga yokuzalwa yalenhlangano. Lombungazo uhanjelwe ubuholi bamadlela ndawonye kubalwa usihlalo welenhlangano uDr Blade Nzimande, iphini lika sihlala we ANC kwaZulu Natal u Nkk.Nomagugu Simelane, unobhala we ANC eJosiah Gumede Region uBonga Hlomuka nobuholi obuhlukene bamadlela ndawonye.
Kanti u Nomagugu Simelane uthi uyajabula ukubona amalungu eSACP, ANC, COSATU ephume ngobuningi bawo bezoseka lombuthano ebebenawo. “Ngiyathemba niyabona ukuthi akuna Nkatha ne DA yaphatha Isifundazwe sa Kwazulu Natal ngonyaka ozayo uma nisaphuma kangaka ukuzoseka imcimbi yamadlela ndawonye” kusho uSimelane
Uthi yebo zikhona izinkinga kodwa bayazilungisa futhi bayathembisa zizolunga nobudlelwane babo bengamadlela ndawonye buqinile kakhulu.
Usihlala waMakhomanisi uDr Nzimande uthi abantu basoThukela abazikhulule bona njengoba ehlezi ebezwa bekhala emisakazweni ukuthi abanamanzi futhi kunokuthi kulunge ngathi kubanzima kakhulu. uthi kukhulu esekwenziwe uhulumeni wamadlela ndawonye futhi kuyabonakala noma izinkinga zikhona kodwa uhulumeni wenza konke okusemandleni ukulekelela umphakathi waseNingizimu Afrikha.
Lemigubho ye Red October ye SACP izoqhubeka izifundazwe zonke kuleli kuze kuphele lenyanga ka October.