Uhlabe ikhwelo lemashi kuwo wonke amalungu enyunyana yothisha iSouth African Democratic Teachers Union KwaZulu-Natal uNomarashiya Caluza ongunobhala walenyunyana kulesi sifundazwe. uCaluza obekhuluma izolo ekhasini lalenyunyana kuFacebook uthe, zonke izinto sezimi ngomumo mayelana nemashi yamalungu alenyunyana ezoba seThekwini khona namhlanje.
Lemashi okulindeleke ukuthi isuke eKing Dinuzulu Park ngehora lesishiyagalombili ekuseni ize iyophelela eDurban City Hall, nokuyilapho lamalungu alenyunyana kulindeleke ukuthi anikezele khona ngohlu lwezikhalo abanazo kumnyango wezemfundo kulesi sifundazwe.
Phakathi kwezikhalo abazozidlulisela kwizphathimandla zeminyango eyehlukahlukene KwaZulu-Natal, kubalwa ukungafinyeleli kwezimali ezifanele ukuthi ziye ezikoleni, ukwehluleka komnyango wezemfundo ukusheshe uvale izikhala zothisha abangasekho ezikoleni, ukunxusa umnyango ukuthi kube nendlela evulelekile necacile yokuqhasha othisha, kanye nezinye eziningi.
UCaluza uthi indaba ethinta izinto zokuhamba ihleliwe futhi bonke othisha abazoba yinxenye yalemashi abaxhumane nonobhala kwizifunda zabo kulo lonke leli likaMthaniya. Unobhala uqhube wathi uyazi ukuthi namuhla usuku lokuhola kothisha, kodwa lemashi ibalulekile ngoba izolungisa konke loku abahlale bekhala ngakho ezikoleni bengothisha kanye nemikhandlu eyengamele izikole, ngakho ke kubalulekile ukuthi baphelele ngobuningi babo.
Kulindeleke ukuthi ukuthi uNgqongoshe wezemfundo kwaZulu-Natal uMbali Frazer kanye nabomnyango wezezimali ukuthi babe khona ukuzokwamukela loluhlu lwezikhalo.