Umfundi webanga le-11 utholwe ebulewe ekamelweni likamzala wakhe ngemuva kokuduka. Kusolwa ukuthi u-Owamie Visagie, 17, waseChipa-Tabane Secondary School eRefilwe, eCullinan, ngaphandle kwaseTshwane, wagcina ukubonwa ngumama wakhe ngeSonto ngezithuba zabo-18:00.
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo eGauteng uMatome Chiloane uthe uphatheke kabi ngalesi sigameko. UChiloane uthe umama ka-Owamie wakhathazeka ngesikhathi indodakazi yakhe ihamba ngeSonto kusihlwa kodwa yangabe isabuya. “Unina wabe esefaka umbiko ngokulahleka komuntu emaphoyiseni ngalobo busuku. Ngesikhathi ethola ulwazi lokuthi umfundi ugcine ukubonakala ehamba nomzala wakhe, umndeni wakhe wabe usuya kubo kamzala ngoMsombuluko ukuze uthole imininingwane eyengeziwe mayelana nokuthi ukuphi.”
UChiloane uthe umndeni uthole isidumbu somfundi ekamelweni elingaphakathi endlini kamzala. “Amaphoyisa athintwa afike endaweni yesigameko ukuze aqale uphenyo. Ngokwemininingwane esinayo, lo mfundi usolwa ngokunukubezwa ngokocansi ngaphambi kokuklinya umufi waze wafa. Umsolwa uzinikele emaphoyiseni,” kusho uChiloane, wengeza ngokuthi emnyangweni, bakhungathekile ngokudlula emhlabeni kuka-Owamie, ikakhulukazi ezimweni ezimbi kangaka. “Sizwelana kakhulu nomndeni wakhe , sidlulisa amazwi enduduzo kuwo kanye nomphakathi wesikole wonkana,” kusho uChiloane.