Sekuvele izindaba ezishaqisayo ngomculi kamaskandi odumile odabuka endaweni yaseMnambithi uMenzi.
Lomculi odume kakhulu kulezi zinsuku ngengoma yakhe eshisa izikhotha esihloko sithi uMy Friend, ubhale ekhasini lakhe lakuFacebook ukuthi usecabanga nokuwuyeka umculo ngenxa yokuthi uyasebenza kodwa akubonakali ukuthi wenzani. Lomculi uthi ngisho izimoto abehamba ngazo zithathiwe futhi nezindlu abezakha ekhaya aziphelile. nansi iPost yalomculi ngezansi:
“Sengifisa ukuwuyeka umculo inkinga angisenayo enye indlela yokphila ngaphandle kwawo lomculo ongihlukumezayo.kule nkinga ngiyamdinga umuntu ongange luleka ngibenethemba futh ngalomculo ngoba ngiyawuthand kodw into ongenzayon iyamangaza.ngisebenzile kakhul ngazenganethemba lokuth sengingakwazi ukwenza ikhaya libengcon kodw akuzange kusabanjalo ngoba nezindlu ebengizakha azikapheli&ne zimoto ebengibonakala ngazo asisekho okuyinto engenza ngibone ukuth angikasebenzi ngalokho kuyekwazima ukuzithola kwanam ukuth kant nguban mina! Bengazi ukuth nginemali njengoba ngiqhashwa kodw ayingisizanga.angazi nom nam nginephutha yin ekusebenzen kwam! Bakwethu lento yokusebenzel ubala ibuhlungu uzitshele ukuth sutholile iplan lempilo kant usazoqala phansi.ngidinga umuntu ongangilulek ngixole ngixolele nam ngikhohlwe ngalento ngiqalephansi impilo nom ngilimele crc“
Lenkulumo ibadidile kakhulu abalandeli balensizwa ngoba iningi labo bebazi ukuthi basebenzisana kahle nenkampani eyaziwa ngokuthi Insika Yethonga. Abalandeli bakhe abaningi bebezibuza ukuthi engabe kwenzakalani kulensizwa ene-Album eshisa izikhotha kulezi zinsuku.
Akuphelanga sikhathi esingakanani kepha lona futhi lelikhasi laFaka iLink kaYoutube enenkulumo eqoshiwe okuzwakala engathi iphakathi komphathi wayo inkampani iNsika Yethonga namunye wabaculi bakamaskandi eligcine lingavelanga igama lakhe. kulenkulumo uMphathi walenkampani uzwakala echaza kabanzi ukuthi kwenzakaleni,”asisasebenzisani noMenzi, futhi angiboni ukuthi ngoke ngiphinde ngimenenje umculi empilweni yami. iNkontileka yethu naye inqanyulwe ngoDisemba. Umoya wami uhlukumezeke kakhulu ngoba nami ngingumuntu,” kuchaza lomlisa. lensizwa iqhuba iveze izinto eziningi eziholele ukuthi ubudlelwano bakhe noMenzi bube muncu,”Inkinga iqale uma ngabe uMenzi kumele ayolobola ngoDisemba, nokwavela ukuthi kukhona ubaba ongumkhongi wakhe othembise ukumdayisela izinkomo ezinhlanu ngo 30 000. Iphutha lami kwaba ukuthi ngithi mina lobaba akasinike usuku lokuhambisa izinkomo njengoba kuwuyena umkhongi vele, thina sobe sesizama imali ke yokuthi kuthengwe lezo zinkomo. Kushuthi kwabe sengiyinyathele emsileni ke.”
Lensizwa iqhube yathi kwaze kwangenelela nomama wakhe uMenzi bemsola ngokuthi uMenzi uyasebenza kodwa akubonakali,”lapho mfwethu uMenzi ngimenzela konke okusemandleni ukwenza impilo yakhe ibe ngcono, sisanda kuthenga imoto nje, lemoto bengifuna kube ngeyakhe. Nakho siyakha izindlu bese kushoda ukuthi kufakwe uphahla kuphela. kanti yini ekumele ngiyenze mina manje. Mina makungena imali, ngiyathumela amascreenshots emali engenile kuMenzi. Umenzi wazi konke okwenzakalayo ngezimali. Manje ngiphatheka kabi uma sekungena umndeni ngento esasivumelene ngayo sisobabili. Ngiyamsola kodwa lobaba ongumkhongi ukuthi uyena osixabanisayo,” kucha iNsika Yethongo.
Kuyona lenkulumo kubuye kuvele ukuthi ngosuku lomcimbi kaBig Zulu iHome Coming, UMenzi waduba wehla emotweni ababehamba ngayo wahamba ngezinyawo esuka eBergville wabamba umgwaqo obheke eMnambithi ngezinyawo. Lensizwa ithi babemlandela ngemoto bezama ukuthi ashintshe umqondo agibele emotweni kodwa wanqaba wathi akasafune lutho oluzomhlanganisa nabo. Kwaze kwadingeka ukuthi kufonelwe umama wakhe umenzi ekhaya eMnambithi uthi eze azomncenga, nebala kwasuka imoto eMnambithi yeza eBergville nomama wakhe nokuyilapho avuma khona uungela emotweni.
Imizamo yokuthola uMenzi ukuthi aphawule ngaloludaba iphunzile kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.