Umqeqeshi we Bafana Bafana umnu Hugo Bross Namuhla ukuqinisekisile ukuthi umdlali wakhe wase muva uMothobi Mvala odlalela iMamelodi Sundown ube nokushayeke edolweni ngaphambi komdlalo wabo Wokugcina nezwe lase Lesotho, njengoba ngo Lwesine kulindeleke ukuba belifulathele elakuleli sebebhekise amabombo ezweni lase Ivory Coast.
Odokotela be qembu kulindeleke ukuba bakhiphe isinqumo ngaphambi kokuba kuhanjwe. Kanti bakhona abadlali okuzokhethwa kubona Uma egcina ngokungalulami,abadlali a bafana no Tapelo Xoki we Orlando Pirates, Sibongiseni Mthethwa we Kaizer Chiefs, Iqraam Rayners we Stellenbosch Kanye no Elias Mokwana we Sekhukhune.
Umqeqeshi we Bafana bafana uyobe engaqali ukugqemeka ingozi ngokulinyalelwa izithenjwa zakhe njengoba loyo ongumgadli we Burnley Lyle Foster kubikwe ukungaphili ngokwempilo, Kwathi Lebo Mothiba yena wathola ukulimala eqakaleni ngo December. Bathusi Aubaas uhlale isikhathi eside engadlali ngenxa yakho njalo ukulimala bese kuthi uNjabulo Blom kanye no Bongokuhle Hlongwane basale ngenxa yokungadlali isikhathi eside njengoba I League yabo ivale ngo October.
IBafana kulindeleke ukuba idlale Umdlalo wayo wokuqala we AFCON nezwe lase Mali ngo Lwesibili lwango 16 January 2024 ngo 10 isikhathi kusihlwa , bese kulandela omakhelwane bethu okuyi Namibia ngo mhlaka 21 bese sivala nezwe lase Tunisia ngo mhlaka 25 January 2024
Umongameli webhola lase Ningizimu Africa, umnu Danny Jordan ukuqinisekisile ukuthi indaba yama “bonus” kubadlali ilungiswa kusene sikhathi njengoba bathenjiswa izigidi eziyisikhombisa umdlali ngamunye Uma benqobe lendebe kodwa akanga thanda ukuchaza kabanzi ukuthi uma bengafinyeleli kowamanqamu bephelela kwezinye izigaba zomqhudelwano khona kuyomiswa kanjani? Uthe bayazi ukuthi akuzubalula kuleliyazwe kodwa nabo bayazi ukuthi baya empini futhi bayabethemba a bafana babo ukuthi bazoyibamba ishisa.