Bebephume ngobuningi abantu emcimbini wokunqamula unyaka ka2023 eRichards Bay obizwa nge Gumba Fest.
UKhozifm okuyilo olulalelwa kakhulu ngalolusuku njengoba abantu besuke belindele ngabovu ukuzwa ingoma ehlukanise unyaka lube bukhoma ngo 12pm lethula odle umhlanganiso kwizingoma ezilishumi ebezivoteliwe kulomsakazo ukunqamula unyaka nokube ngekaKhuzani Mpungose ethi “umjolo” nethe ingafakwa wabe esengeniswa esteji ukuze ayishaye bukhoma.
Abantu bavele bakhombisa ukungenami bathi makaphume baphosa amakopi bethi wuuuuuuu ephezulu esteji.
kubenzima ukuthi anandise bukhoma kulo mcimbi. Ezinkundleni zokuxhumana ilokhu ihlukane njalo imibono ngalendaba.
IMeya yeKing Cetshwayo uMnuz Thami Ntuli ufisele abantu unyaka onezibusiso.