Kulindeleke ukuthi iNdlulamithi iSilo uMisuzulu kaZwelithini igcagcelwe kungekudala nje kusukela manje.
Izindaba zithi iSilo sizogxagcelwa intolazi yakwaMyeni uNomzamo. uMyeni neSilo sekunesikhathi bethandana. Imithombo ithe bahlangane ngesikhathi uMyeni esebenza kwelinye lamabhange eJozini.
“Ngokuhamba kwesikhathi wesula kulelibhange wasebenza ehhovisi elizimele leSilo. Ngakho sekuphele iminyaka emibili bendawonye uma ngingaphosisi,” kusho umthombo.
UNdunankulu weSilo, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, wenze lesi simemezelo emhlanganweni obusesigodlweni saKwaKhangelamankengane, KwaNongoma ngoLwesibili.
“Inkosi ithole imbali ezinhle ebukhosini bakwaMyeni eJozini. Ungiyalele ukuthi ngicele wonke amalungu omndeni wasebukhosini ukuthi amphelezele ayolobola kwaMyeni mhla zi-5 kuNhlaba wezi-2024,” kusho uButhelezi.
Lezi zindaba zivela njengoba iNkosi uMisuzulu isihlukene nonkosikazi wayo wesibili, iNdlovukazi uNozizwe Mulela.
NgoLwesibili ngemuva kwesimemezelo selobolo iSilo sihole ithimba labaholi bendabuko ukuyokwenza umcimbi wokuphendulwa kwesoyi esigodlweni saso esisha esizokwakhiwa KwaNongoma.