Umphakathi waseNdumeni ngaphansi kwesiFunda uMzinyathi usuphelelwe izindawo zokungcwaba ngenxa yokushona ubuthaphuthaphu kwabantu.
Abantu base Sithembile eGlencoe nase Sibongile eDundee yibo abasenkingeni yokuphelelwa zindawo zokungcwaba izihlobo zabo, lokhu kuvele esithangamini sabezindaba sangeSonto lapho iziphathimandla zomkhandlu waseNdumeni bezichaza ngezinhlelo ezintsha zokuthola umhlaba ozosiza abantu ukuba bakwazi ukungcwaba.
UMnuz Siyabonga Ndlovu oyiMeya kamasipala iNdumeni ekhuluma nabezindaba uthe iCovid-19 yabazuma nokuyiyo enye yezimbangela ezadala ukudlula kwabantu ngobuningi, bebengakaze bacabange ukuthi izindawo zabo zingabanenkinga yokugcwala kwamathuna kuze kuphele indawo yokungcwaba.
Ngokusho kuka Ndlovu, uthi mkhandlu usubeke imali elinganiselwa ku-R12 million yomhlaba ozovulwa ukuze abantu bakithi bangaphinde babenale nkinga yokulondoloza izihlobo zabo.