Kuhlukenwe phakathi ngodaba lokuxoshwa kongumengameli we-Apemo aphinde abe yiMeya yomkhandlu Okhahlamba, uMnuz Vikizitha Mlotshwa.
UMnu Balushi Mmakau ozibize ngonobhala jikelele we-APEMO uthi umlotshwa wamiswa eqenjini ngenyanga eyedlule ngenxa yokubandakanyeka emacaleni okufaka kuwona umbango wenhlangano iNFP, ukuzivulela i-akhawunti yebhange leqembu ukuze amalunga afake kuye imali kanye nokuba lilunga lamaqembu amabili ngesikhathi esisodwa nakuchaze ngokungahambisani nomthetho weqembu.
UThukela News luxoxisane noyilunga le-APEMO ongathandanga ukudalulwa othe “ingamampunge eyokuthi umholi wabo uxoshiwe bona njenge APEMO basanda kubuyilela uMlotshwa ngo- elethu esikhundleni kwi ngqungquthela yokukhetha ubuholi ebingenyanga eyedlule” uqhube wathi “laba abalwisana noMlotshwa babengamalunga eAPEMO kudala futhi babezikhethe ngeminwe ukuba yibo abazohola kwathi sekukhethwa kuma branch bachithwa, uze walinganisa ngaye umfoka Mmakau othi ungunobhala jikelele uthi lowo washiya eqenjini ngonyaka ka 2021 wayojoyina iNFP njengoba esevumbuka manje”.
Sizamile ukuthola uMnu Mlotshwa ocingweni kodwa asiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungaphendulwa.