Bangu-7,710 sebebonke ababulawa eNingizimu Afrika phakathi komhla lu-1 kuMfumfu nomhla zingama-31 kuZibandlela wezi-2023.
Lokhu kusho ukwanda ngabantu abangu-155 ababulawa ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uveze lokhu ngoLwesihlanu, ngesikhathi ekhipha izibalo zobugebengu zekota yesithathu, ezithinta isikhathi samaholidi angonyaka odlule.
UCele uthe bangu-4 882 abasolwa ababoshelwe amacala okubulala nokuzama ukubulala kulesi sikhathi esibuyekezayo.
“Izifundazwe iKwaZulu-Natal, Eastern Cape neFree State kumele zishayelwe ihlombe zinconywe ngokukwazi ukubhalisa ukwehla kwesibalo sabantu ababulawa ngalesi sikhathi.
“Nakuba kungenzeka ukuthi abakaphumi ehlathini, kubalulekile ukugqamisa ukuthi kubhekwe nezinye izinsiza eziteshini ezinesibalo esiphezulu sokubulawa kwabantu okubikiwe.”