Kuchwaze ihholo lonke ngesikhathi kusukunyiswa lowo owayengumongameli wezwe enkonzweni yesikhumbuzo kaMbongeni Ngema namhlanje.
Lenkonzo ebibanjelwe ePlayhouse eThekwini namuhla ntambama, ibihanjelwe yizicukuthwane nezikhulu ezehlukahlukene ezivela eminyangweni kahulumeni kanye nasendimeni yezikaqedisizungu. UNgema wedlule emhlabeni ngeviki eledlule emva kokubandakanyeka engozini yemoto ephuma komunye umncwabo esifundazweni saseEastern Cape.
Phakathi kwezikhulu ebezihambele lenkonzo kubalwa noNdunankulu wKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube, yiliwo owake waba nguNdunankulu kuso lesi sifundazwe phambilini uSibusiso Ndebele kanye nabanye abaningi. Kanti nabemboni yezobuciko bebekhona njengoba uMongameli wenhlangano yamaciko kuleli i-CCIFSA uJoy Mbewana naye ube ngomunye wezikhulumi.
Abantu abebehambele lomcimbi bakhombise ukukuthakasela kakhulu ukuba khona kukalowo owayenguMengameli wakuleli uMnumzane Jacob Zuma. Umsholozi usukunyiswe ngehlombe elikhulu ngesikhathi enyukela esteji eyokwethula inkulumo yakhe.
Umsholozi uchaze uNgema njengomuntu obephiwe kakhulu kwezikaqedisizungu,” silahlekelwe yinsizwa ebihlonipha, insizwa ebingumuntu ngempela. Silahlekelwe nguDokotela womculo nemidlalo yeshashalazi. uMadlokovu ubephiwe lokhu okukhulu futhi siyohlale njalo simkhumbula,” kuchaza uMsholozi
Amaciko ashiyelane inkundla ebungaza impilo kambongeni, iqembu le-Afro Soul lishaye izingoma ezivusa uhlevane ebezihambisana nezinkondlo ezibungaza impilo yakhe uNgema.
Inkonzo yomncwabo izobanjelwa khona ePlayhouse ngomhla ka 5 KuJanuary.