Umholi weqembu lezepolitiki i-Action SA esifundazweni sakwaZulu-Natali uZwakele Mncwango usephumele obala wethembisa umsakazi olaxazwe yiGagasi FM umsebenzi.
UMncwango ubhale ekhasini lakhe lakuFacebook ukuthi unomsebenzi angawunikeza uPenny Ntuli futhi angaqala kuwona ngokushesha okukhulu. Untuli, usanda kumemezela ukuthi akeseyona inxenye yomsakazo iGagasi FM njengoba kuzoshintsha izinhlelo kusukela ngomhla ka 1 April kulonyaka. Lentokazi iveze ukuthi inqbile ukusayina inkontileka ebizomnikeza imali ebalelwa kuR700 .00 ngohlelo ngalunye kodwa loluhlelo beluzongena kane kuphela ngenyanga.
Lomholi ubha le kanje ekhasini lakhe:
“Angimazi Penny kodwa ingithintile indaba yakhe, ikakhulu kazi masengibona comments abanye oSopolitiki bemdelela. Ukubona nje abaholi behlekisa ngosisi lomuntu engabe bayasiza.
Ngicela abamaziyo bamcele angithinte. I have a job for her , ayihlangane nePolitiki but good offer. Umsebenzi angawuqala with immediate effect ku private sector.”
Uphinde washaya ibuya futhi lomholi emva kwesikhashana wabhala kanje:
“Ngeke baholi ba KwaZulu-Natal bengithi mina asihlangane sonke, ANC, IFP, EFF and ActionSA kesiyoxoxa nabaphathi beGagasi FM.
Manje sekumele sazi ukuthi bahola malini abasakazi bonke uma kuyiqiniso ukuthi Penny Ntuli uhola R2800. Nomfana ongilusela izinkomo ohola ngaphezu kwalomsakazi.
Akumele sivume this kind of exploitation, uma kuyiqiniso. Umsakazo ozimele impela kodwa uHulumeni advertise kulomsakazo. Yikhoke nise interest.“